Dlulela kokuphakathi

I-Estonia Iqaphela “Impumelelo Enkulu”

I-Estonia Iqaphela “Impumelelo Enkulu”

INququlo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yesi-Estonia ikhethelwe uMklomelo Wonyaka Ka-2014 Wesenzo Esivelele Kwezolimi. Ezincwadini ezingu-18 ezazikhethiwe, yaphuma endaweni yesithathu.

Le nguqulo entsha yeBhayibheli, eyakhululwa ngo-August 8, 2014, yafakwa ohlwini uKristiina Ross, oyisazi solimi eNhlanganweni Yolimi Lwase-Estonia. Wachaza INguqulo Yezwe Elisha ngokuthi “ifundeka kalula futhi imnandi,” wanezela: “Umsebenzi owenziwe kuyo uwuthuthukise kakhulu umkhakha wezokuhumusha e-Estonia.” URein Veidemann, onguprofesa wezezincwadi namasiko ase-Estonia, wabiza le nguqulo entsha ngokuthi “impumelelo enkulu.”

IBhayibheli lokuqala eliphelele lesi-Estonia lanyatheliswa ngo-1739, futhi kusukela ngaleso sikhathi kuye kwenziwa nezinye izinguqulo. Pho, kungani INguqulo Yezwe Elisha ‘iyimpumelelo enkulu’ kangaka?

Ukunemba. Kuyancomeka ukuthi iBhayibheli elithandwayo lesi-Estonia elanyatheliswa ngo-1988 lihumusha igama likaNkulunkulu ngokuthi “Jehoova” (uJehova) izikhathi ezingaphezu kuka-6800 emiBhalweni YesiHebheru (eTestamenteni Elidala). a INguqulo Yezwe Elisha yesi-Estonia nayo iyakwenza lokhu, kodwa ayigcini lapho. Lapho kunesisekelo esicacile sokwenza kanjalo, INguqulo Yezwe Elisha isebenzisa igama likaNkulunkulu nasemiBhalweni YamaKristu YesiGreki (eTestamenteni Elisha).

Ukucaca. Ingabe INguqulo Yezwe Elisha ikwazile ukunemba kodwa ibe ifundeka kalula? Umhumushi weBhayibheli ohlonishwayo uToomas Paul wabhala ephephandabeni i-Eesti Kirik (iSonto Lase-Estonia) ukuthi INguqulo Yezwe Elisha “iwufinyelele ngempela umgomo wokuba ihunyushelwe olimini lwesi-Estonia ngendlela eshelelayo.” Wanezela: “Ngiyaniqinisekisa ukuthi kuyaqala ngqa ukuba lo mgomo ufinyelelwe.”

Bayazuza enguqulweni yesi-Estonia

Abase-Estonia bayamukele ngesasasa INguqulo Yezwe Elisha. Isiteshi somsakazo sikazwelonke saba nohlelo lwemizuzu engu-40 olwalukhuluma ngaleli Bhayibheli elisha. Abefundisi nabantu abasontayo baye bathinta oFakazi BakaJehova ukuze bathole awabo. Isikole esithile sezingane zezicukuthwane eTallinn sacela amakhophi angu-20 e-Nguqulo Yezwe Elisha ukuze siwasebenzise kwelinye lamakilasi aso. Abantu base-Estonia bayazithanda izincwadi, futhi oFakazi BakaJehova bayakujabulela ukunyathelisa inguqulo enembile necacile yencwadi ezidlula zonke ezake zalotshwa.

a Ngemva kokulandisa ukuthi kwenzeka kanjani ukuba abase-Estonia babize igama likaNkulunkulu ngokuthi “Jehoova,” u-Ain Riistan, ongusihlalo we-New Testament Studies e-University of Tartu, waphetha: “Ngicabanga ukuthi igama elithi Jehoova lifaneleka kahle kakhulu namuhla. Naphezu komsuka walo, libe . . . nencazelo ebaluleke kakhulu futhi esho lukhulu ezizukulwaneni eziningi​—elithi Jehoova liyigama likaNkulunkulu owathumela iNdodana yakhe ukuba izohlenga isintu.”