Dlulela kokuphakathi

Isipho Samathikithithi Endiza Angu-19 000

Isipho Samathikithithi Endiza Angu-19 000

Ngo-July 2013, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yathumela incwadi ezithunyweni zevangeli nabanye abasenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele kwamanye amazwe. Le ncwadi yachaza ngelungiselelo lokusiza abasenkonzweni kwelinye izwe ukuba baye emihlanganweni yesifunda neyezizwe eyayizoba ngo-2014 nangasekuqaleni kuka-2015.

Injongo yaleli lungiselelo kwakungekhona nje ukusiza abasenkonzweni kwelinye izwe ukuba baye emhlanganweni kodwa futhi nokuba bakwazi ukuchitha isikhathi benamalungu emindeni yakuba noma abangane. Le ncwadi yabonisa nokuthi inhlangano yayizokhokhela amathikithi endiza okuya nokubuya.

Nakuba esikhathini esidlule amalungiselelo athi awafane nalawa ayenziwe, kulo nyaka kwakuzohluka. Ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo, amathikithi ayezothengwa umnyango owawusanda kumiswa, iHhovisi Lokuhamba Lasendlunkulu.

Ngokushesha ngemva kokuba kuthunyelwe izincwadi, izicelo zaqala ukugeleza zingena eHhovisi Lokuhamba Lasendlunkulu. Ngo-January 2014, zase zingamathantala. Iqembu elalabelwe ukusingatha la malungiselelo okuhamba lacwaninga futhi lakha izinhlelo zokuhamba zezikhonzi zesikhathi esigcwele ezivela kuwo wonke umhlaba.

Ezinye zezinhlelo zohambo zaziyinselele. Abanye kwakudingeka basuke eReykjavík, e-Iceland, baye eCochabamba, eBolivia. Abanye babesuka eNouméa, eNew Caledonia, beya e-Antananarivo, eMadagascar. Abanye babesuka ePort Moresby, ePapua New Guinea, beya eSeattle, eWashington, e-U.S.A., kanti abanye babesuka e-Ouagadougou, eBurkina Faso, beya eWinnipeg, eCanada.

IHhovisi Lokuhamba Lasendlunkulu elinezisebenzi ezinhlanu lathenga amathikithi endiza angaba ngu-19 000. Zisebenzisa izimali amabandla ayezinikelele le njongo ngokukhethekile, zathumela la mathikithi kubantu abangaba ngu-4 300 emazweni angu-176.

Leli lungiselelo laziswa kakhulu. Omunye umbhangqwana wezithunywa zevangeli wabhala: “Namuhla siphindela esabelweni sethu eNingizimu-mpumalanga ye-Asia. Asive sibonga ngokusisiza ukuba siphindele eNgilandi, izwe esazalelwa kulo, sikwazi ukuba nemindeni yakithi okokuqala ngemva kweminyaka emihlanu. Besingeke sikwazi ukuya ngaphandle kwaleli lungiselelo lokusisiza. Ngakho, sibonga ngokusuka enhliziyweni kubo bonke abalenze lenzeka.”

Isithunywa esikhonza eParaguay sabhala: Mina nomkami sifisa ukuveza ukwazisa kwethu okujulile ngethuba lokuya emhlanganweni wezizwe eNew Jersey, e-U.S.A. Ekuqaleni kuka-2011, saqala ukuhlela uhambo lokuya e-United States ukuze siyobona indlunkulu yomhlaba wonke. Sasinemali ethile esasigcinile. Kodwa ngo-June walowo nyaka, sacelwa ukuba sihambele amabandla olimi lwezandla eParaguay. Lokhu kwakuzodinga ukuba sihambe kakhulu. Ngemva kokucabangisisa, sanquma ukuyeka uhambo lwethu lokuya e-United States, esikhundleni salo sithenge imoto ukuze sisifeze kangcono isabelo sethu esisha. Kwabe sekufika isimemo sokuya emhlanganweni wezizwe. Iphupho lethu lafezeka! Asive simbonga uJehova ngobuhle nothando lwakhe alubonise ngale ndlela.”

Umbhangqwana oseMalawi wabhala: “Sifisa nje ukuthumela le e-mail emfushane sibonge kakhulu! Siyacabanga nje ukuthi kumelwe ukuba kwadingeka ukuzikhandla, isikhathi nezindleko ezingakanani ukuze kwenziwe izinhlelo zokuhamba eziningi kangaka. Siyakwazisa ukusebenza kwenu kanzima, futhi ngaphezu kwakho konke, umusa wenhlangano kaJehova ngokwenza sikwazi ukuya emhlanganweni wezizwe wasekhaya nokuba nemindeni nabangane bethu.

Izisebenzi zaseHhovisi Lokuhamba Lasendlunkulu zasijabulela lesi sabelo. UMileivi wathi: “Ukusiza izithunywa zevangeli ukuba ziye emakhaya ziyobona imindeni nabangane kwakuyilungelo elikhetheke kakhulu.” UDorise wanezela: “Kwangisiza ukuba ngiqonde ukujula kothando inhlangano enalo ngalabo abakhonza ezabelweni zakwamanye amazwe.” URodney, umqondisi walo mnyango, wathi, “Kube injabulo ukuba nesandla kulo msebenzi.”

OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke balijabulela ithuba lokunikelela lesi sipho sothando esasiya kubafowabo nodadewabo abasebenza kanzima nabazidelayo.