Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bangabashisekeli BobuZiyoni?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bangabashisekeli BobuZiyoni?

 Cha. OFakazi BakaJehova bangamaKristu asekela izinkolelo zawo emiBhalweni. Nakuba ezinye izinkolo zifundisa ukuthi ukuqoqelwa ndawonye kwamaJuda ePalestina kuhlobene nesiprofetho semiBhalo, oFakazi BakaJehova abavumelani nalo mbono. Abakholelwa ukuthi lesi senzakalo sezombusazwe sabikezelwa emiBhalweni. Empeleni imiBhalo ayiphakamisi uhulumeni, uhlanga noma abantu abathile phezu kwabanye. INqabayokulinda, umagazini ongokomthetho woFakazi BakaJehova washo lokhu ngokungagunci: “Awukho umBhalo osekela ukushisekela ubuZiyoni bezombusazwe.”

 I-Encyclopædia Britannica ichaza ubuZiyoni ngokuthi “inhlangano yobuzwe yobuJuda emiselwe injongo yokwakha nokusekela umbuso wesizwe samaJuda ePalestina.” UbuZiyoni busekelwe kokubili enkolweni nakwezombusazwe. OFakazi BakaJehova abakhuthazi ukushisekela ubuZiyoni njengemfundiso yenkolo futhi abathathi hlangothi kwezombusazwe zobuZiyoni.

 Inhlangano yoFakazi BakaJehova ingokwenkolo futhi ayikhuthazi nanoma yini ephathelene nezombusazwe, ezihlanganisa ukushisekela ubuZiyoni. Ukungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova kwaziwa kakhulu futhi kwamanye amazwe oFakazi baye bashushiswa kakhulu kunokuba bayekethise ebuqothweni babo. Siyaqiniseka ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini kuphela oyoletha ukuthula okuhlala njalo kulo mhlaba; awukho uhulumeni wabantu noma inhlangano engakwazi ukwenza lokho.

 Isimiso esiyisisekelo sezinkolelo soFakazi BakaJehova kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuphi, ukuthobela imithetho yohulumeni abaphethe. Abamelani neziphathimandla noma bahlanganyele ezimpini.