AGASTI 2, 2022
ERUSSIA
Ngiyaziqhenya Ngokuba ‘Nengxenye Emlandweni Wenhlangano’
NgoJulayi 26, 2022, iNkantolo Yedolobha laseSnezhinskiy eSifundeni SaseChelyabinsk ilahle ngecala uMfoweth’ u-Ilya Olenin. Umshushisi ucele ukuba agwetshwe iminyaka eyisithupha nohhafu ebhadla ejele. Esikhundleni sokuba avalelwe ejele, inkantolo ithe akahlawule imali engango-R135 750.
Izikhathi Zezenzakalo
Ngo-Ephreli 17, 2017
I-FSB yaphazamisa ukugcinwa kweSikhumbuzo saminyaka yonke. U-Ilya wabekwa icala “lokushumayela kube kuvinjelwe,” kodwa icala lachithwa
NgoNovemba 30, 2020
Umuzi wakhe waseshwa
NgoSepthemba 8, 2021
Wabekwa icala ngokusemthethweni
Ngo-Okthoba 27, 2021
Umuzi wakhe waseshwa okwesibili. Wathathwa ukuze ayophenywa ngemibuzo, wenqatshelwa ukuvakashela amanye amazwe
NgoMeyi 23, 2022
Ukuthethwa kwecala kwaqala
Mayelana Naye
Ave siziqhenya ngo-Ilya nabo bonke abafowethu nodadewethu, ngokwethembeka abaphila ngokuvumelana nencazelo yegama lethu, abanikeza ubufakazi ngoNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova.—Isaya 43:10.