Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ u-Ilya Olenin nomkakhe, uNatalya

AGASTI 2, 2022
ERUSSIA

Ngiyaziqhenya Ngokuba ‘Nengxenye Emlandweni Wenhlangano’

Ngiyaziqhenya Ngokuba ‘Nengxenye Emlandweni Wenhlangano’

NgoJulayi 26, 2022, iNkantolo Yedolobha laseSnezhinskiy eSifundeni SaseChelyabinsk ilahle ngecala uMfoweth’ u-Ilya Olenin. Umshushisi ucele ukuba agwetshwe iminyaka eyisithupha nohhafu ebhadla ejele. Esikhundleni sokuba avalelwe ejele, inkantolo ithe akahlawule imali engango-R135 750.

Izikhathi Zezenzakalo

  1. Ngo-Ephreli 17, 2017

    I-FSB yaphazamisa ukugcinwa kweSikhumbuzo saminyaka yonke. U-Ilya wabekwa icala “lokushumayela kube kuvinjelwe,” kodwa icala lachithwa

  2. NgoNovemba 30, 2020

    Umuzi wakhe waseshwa

  3. NgoSepthemba 8, 2021

    Wabekwa icala ngokusemthethweni

  4. Ngo-Okthoba 27, 2021

    Umuzi wakhe waseshwa okwesibili. Wathathwa ukuze ayophenywa ngemibuzo, wenqatshelwa ukuvakashela amanye amazwe

  5. NgoMeyi 23, 2022

    Ukuthethwa kwecala kwaqala

Mayelana Naye

Ave siziqhenya ngo-Ilya nabo bonke abafowethu nodadewethu, ngokwethembeka abaphila ngokuvumelana nencazelo yegama lethu, abanikeza ubufakazi ngoNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova.—Isaya 43:10.