Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokubonisana Uthando

Indlela Yokubonisana Uthando

Njengoba iminyaka ihamba, abanye abantu abashadile ababe besabonisana uthando ngendlela ababenza ngayo ekuqaleni. Kufanele ukhathazeke yini uma lokhu kwenzeka emshadweni wakho?

 Okufanele ukwazi

Ukuze umshado uqine kubalulekile ukubonisana uthando. Njengoba ukuthola ukudla namanzi njalo kubalulekile ukuze umzimba uqine futhi uphile kahle, ukubonisana uthando njalo nakho kubalulekile ukuze umshado uhlale uqinile futhi ujabulise. Ngisho noma sebeshade amashumi eminyaka, amadoda namakhosikazi ayakudinga ukuba abashade nabo babaqinisekise ukuthi bayathanda.

Uthando lwangempela luyacabangela. Umuntu onalolu thando ufisa ukujabulisa lowo ashade naye. Umuntu ocabangelayo ngeke agcine ngokubonisa ashade naye ukuthi uyamthanda ngezikhathi ezithile kuphela, kodwa uzocabanga ngokuthi lowo ashade naye ukudinga kangakanani ukuboniswa ukuthi uyathandwa bese enza ngokuvumelana nalokho.

Ngokuvamile, amakhosikazi akudinga kakhulu ukuboniswa uthando kunamadoda. Indoda ingase imthande kakhulu umkayo. Kodwa uma igcina ngokutshela umkayo ukuthi iyamthanda ekuseni noma ntambama noma ngaphambi kokuba baye ocansini, umkayo angase angaqiniseki ukuthi imthanda ngempela. Kungcono kakhulu ukubonisana uthando kaningana phakathi nosuku.

 Ongakwenza

Bonisa uthando ngamazwi. Amazwi alula anjengokuthi, “Ngiyakuthanda” noma “Ubaluleke kakhulu kimi,” angenza oshade naye azizwe ethandwa.

Okushiwo iBhayibheli: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”​—Mathewu 12:34.

Icebiso: Akudingeki ukuba ugcine ngokumtshela ngomlomo kuphela oshade naye ukuthi uyamthanda. Ungambhalela umyazelo, kungaba sephepheni, ngefoni noma nge-email.

Bonisa uthando ngezenzo. Ukubamba isandla soshade naye, ukumqabula noma ukumhaga, kungambonisa ukuthi uqinisile uma uthi “ngiyakuthanda.” Ungambonisa ngendlela ombuka ngayo, ngokumthinta ngothando, nangokumupha isipho. Okunye ongakwenza ukusiza umkakho ngezinto ezithile, kungaba ukumphathela izikhwama, ukumvulela umnyango, ukuwasha izitsha, ukuwasha izingubo nokupheka. Abantu abaningi abazibheki lezi zinto njengosizo nje kuphela, kodwa njengezenzo zothando!

Okushiwo iBhayibheli: “Masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo.”​—1 Johane 3:18.

Icebiso: Bonisa oshade naye ukuthi uyamthanda ngokumcabangela ngendlela owawenza ngayo ngesikhathi ningakashadi.

Bekani isikhathi sokuba ndawonye. Ukuba nesikhathi ninodwa kuyawuqinisa umshado wenu futhi kuqinisekise oshade naye ukuthi uyakujabulela ukuba naye. Kungase kube nzima ukuhlela isikhathi esinjalo uma ninezingane noma kunezinto eziningi okufanele nizenze phakathi nosuku. Mhlawumbe ningahlela ukwenza into elula njengokulula izinyawo ndawonye.

Okushiwo iBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”​—Filipi 1:10.

Icebiso: Abanye abashadile nakuba bematasa kodwa bazibekela isikhathi esithile sokuba ndawonye ebusuku noma ngezimpela sonto.

Mazi oshade naye. Ayifani indlela abantu abathanda ukuboniswa ngayo uthando. Xoxani ngokuthi umuntu ngamunye ufuna ukuboniswa kanjani uthando nokuthi ikuphi lapho okufanele nithuthukise khona. Yibe usuzimisela ukwenza lokho okudingwa oshade naye. Khumbula, ukuze umshado uqine, kubalulekile ukubonisana uthando.

Okushiwo iBhayibheli: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”​—1 Korinte 13:4, 5.

Icebiso: Kunokufuna ukuboniswa uthando, zibuze, ‘Yini mina engingayenza ukuze engishade naye angibonise uthando kakhudlwana?’