Dlulela kokuphakathi

INGABE KWAKLANYWA?

Izinzwa Zenja Zokuhogela

Izinzwa Zenja Zokuhogela

 Abacwaningi bathi izinja zingakwazi ukusebenzisa izinzwa zazo zokuhogela ukuze zikwazi ukuhlukanisa iminyaka, ubulili, nendlela ezinye izinja ezizizwa ngayo. Izinja zingakwazi ukuqeqeshelwa ukuzwa iziqhumane kanye nezidakamizwa ezingekho emthethweni. Abantu ngokuyinhloko basebenzisa amehlo ukuze bahlole izinto ezibazungezile, kodwa izinja zona zisebenzisa izinzwa zazo zokuhogela. Zikwazi “ukufunda” ngamakhala azo.

 Cabanga: Izinzwa zokuhogela zenja zizedlula kude kakhulu ezethu. Ngokwe U.S. National Institute of Standards and Technology, inja ‘ingakwazi ukuzwa ngephunga izigidi eziyizigidi zamakhemikhali athile ngokwehlukana kwawo. Lesi silinganiso singaqhathaniswa nokunambitha ushukela ongangekota yethisipuni ofakwe echibini lokubhukuda elingangelama-Olympic.

 Yini eyenza izinzwa zokuhogela zenja zizedlule kakhulu ezethu?

  •   Ikhala lenja limanzi okulenza kube lula ngalo ukubamba iphunga.

  •   Ikhala lenja linemigudu emibili—omunye owokuphefumula, omunye owokuhogela. Uma inja ihogela, umoya uqonda engxenyeni yomgudu wekhala onezinzwa zokuhogela.

  •   Ingxenye yekhala lenja enezinzwa zokuhogela ingakwazi ukuhogela iphunga eliqhele ngamasentimitha-skwele angu-130 noma ngaphezulu, kuyilapho izinzwa zokuhogela zomuntu zifinyelela kumasentimitha-skwele angu-5 kuphela.

  •   Inja inamaseli ezinzwa zokuhogela aphindwe izikhathi ezingu-50 uma kuqhathaniswa nawethu.

 Konke lokhu kwenza inja ikwazi ukuhlukanisa izakhi zephunga eziyinkimbinkimbi. Ngokwesibonelo, ezinye izazi zithi, thina singakwazi ukuzwa iphunga lesobho, kodwa inja ingakwazi nokuzwa isithako ngasinye okwenziwe ngaso lelo sobho.

 Abacwaningi be-Pine Street Foundation, okuyisikhungo esicwaninga ngomdlavuza bathi, ubuchopho nekhala lenja uma kusebenza ndawonye, kungafaniswa ‘nomshini wezobuchwepheshe okwazi ukuzwa iphunga eliyinkimbinkimbi kunawo wonke emhlabeni.’ Ososayensi basungula umshini ozokwazi ukuzwa uma kuneziqhumane, impahla eshushumbiswa ngomgunyathi namagciwane, ahlanganisa nomdlavuza.

 Ucabangani? Ingabe izinzwa zokuhogela zenja zazivelela? Noma ingabe zadalwa?