Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Ikhono Lembuzane Lokundiza

Ikhono Lembuzane Lokundiza

Uma wake wazama ukushaya impukane, uyazi ukuthi kunzima kanjani. Ngenxa yokuthi lezi zinambuzane zishesha njengombani, akulula ukuzibamba.

Ososayensi bathole ukuthi imbuzane, ewuhlobo lwempukane, ikwazi ukuphenduphenduka njengendiza yempi, kodwa ngesivinini esikhulu kunayo. UProfesa uMichael Dickinson uthi imbuzane esanda kuzalwa “ikwazi ukundiza njengompetha.” Uthi: “Kufana nokuthatha ingane esanda kuzalwa uyinike indiza yempi ukuba iyishayele, bese ivele iyishayela njengompetha.”

Kunabacwaningi abarekhoda imbuzane ngekhamera, bathola ukuthi lapho indiza, ikwazi ukushaya amaphiko ayo izikhathi ezingu-200 ngomzuzwana nje. Ngokushaya amaphiko ayo kanye nje kuphela, ingabaleka ngokushesha uma ibona ingozi.

Ishesha kangakanani lapho isengozini? Abacwaningi bathole ukuthi izimbuzane zinesivinini esiphindwe izikhathi ezingu-50 ukwedlula isivinini sokucwayiza komuntu. UDickinson uthi: “Imbuzane inekhono elimangalisayo lokukala ukuthi ingozi iseduze kangakanani nokuthi kufanele ibalekele ngakuphi, ngesikhathi esincane kakhulu.”

Abacwaningi basazama ukuthola ukuthi imbuzane, enengqondo encane kangaka, ikwazi kanjani ukukwenza konke lokhu.

Imbuzane iyakwazi ukubalekela ingozi ngokusuka endaweni ngokuphazima kweso

Wena ucabangani? Ingabe imbuzane kwavele kwazenzakalela ukuba ibe naleli khono elimangalisayo, noma kunothile owayidala yaba naleli khono?