Dlulela kokuphakathi

Singathola Yini Ukuthi Ubani Ngempela Owaloba IBhayibheli?

Singathola Yini Ukuthi Ubani Ngempela Owaloba IBhayibheli?

Impendulo yeBhayibheli

Abantu abaningi batshelwa ukuthi ngeke sazi ukuthi ubani owaloba iBhayibheli. Kodwa iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi lalotshwa ubani. Ezinye izingxenye ziqala ngamazwi athi “amazwi kaNehemiya,” “umbono ka-Isaya,” “izwi likaJehova elafika kuJoweli.”—Nehemiya 1:1; Isaya 1:1; Joweli 1:1.

Iningi labalobi beBhayibheli lavuma ukuthi laloba egameni likaJehova, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nokuthi laliqondiswa nguye. Abaprofethi abaloba imiBhalo YesiHebheru basho izikhathi ezingaphezu kuka-300: “Yilokhu uJehova akushilo.” (Amose 1:3; Mika 2:3; Nahume 1:12) Abanye abalobi bathola isigijimi sikaNkulunkulu ngezingelosi.—Zakariya 1:7, 9.

IBhayibheli lalotshwa amadoda angu-40 phakathi neminyaka engu-1 600. Amanye asetshenziselwa ukuloba izincwadi ezingaphezu kweyodwa. Eqinisweni, iBhayibheli liyiqoqo lezincwadi ezingu-66. Linezincwadi ezingu-39 zemiBhalo YesiHebheru abaningi abazibiza ngokuthi iTestamente Elidala, nezingu-27 zemiBhalo YamaKristu YesiGreki evame ukubizwa ngokuthi iTestamente Elisha.