Dlulela kokuphakathi

Uzongithethelela Yini UNkulunkulu?

Uzongithethelela Yini UNkulunkulu?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo, uNkulunkulu uzozithethelela izono zakho uma wenza okufanele. IBhayibheli lithi uNkulunkulu “ukulungele ukuthethelela” futhi “uyothethelela ngendlela enkulu.” (Nehemiya 9:​17; IHubo 86:5; Isaya 55:7) Lapho esithethelela, usithethelela ngokuphelele. Izono zethu ‘zesuliwe.’ (IzEnzo 3:19) UNkulunkulu ubuye athethelele ngokugcwele, ngoba uthi: “Nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” (Jeremiya 31:34) Uma esesithethelele, ngeke aphinde asijezisele isono esifanayo.

Nokho, ukuthethelela kukaNkulunkulu akusekelwe ebuthakathakeni noma ekubeni nozwela. Akazishintshi izindinganiso zakhe zokulunga. Ngenxa yalokho, uyenqaba ukuthethelela ezinye izono.​—Joshuwa 24:19, 20.

Okumelwe ukwenze ukuze uNkulunkulu akuthethelele

  1. Vuma ukuthi isono sakho sephule izindinganiso zikaNkulunkulu. Nakuba kungenzeka ukuthi abanye balinyazwe yilokho okwenzile, kumelwe uqaphele ukuthi wone uNkulunkulu.​—IHubo 51:​1, 4; IzEnzo 24:16.

  2. Vuma isono sakho kuNkulunkulu ngomthandazo.—IHubo 32:5; 1 Johane 1:9.

  3. Zisole ngokujulile ngesono sakho. Lokho “kudabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu” kuholela ekuphendukeni noma ekushintsheni kwenhliziyo. (2 Korinte 7:​10) Kuhilela ukuzisola ngezinyathelo ezimbi ozithathile eziholele esonweni.​—Mathewu 5:​27, 28.

  4. Shintsha indlela owenza ngayo, okungukuthi, ‘guquka.’ (IzEnzo 3:​19) Lokho kungase kusho ukugwema ukuphinda isono esifanayo noma ukushintsha indlela ocabanga nowenza ngayo.​—Efesu 4:​23, 24.

  5. Thatha izinyathelo zokulungisa okwenzile noma umonakalo owubangele. (Mathewu 5:​23, 24; 2 Korinte 7:​11) Xolisa kulabo abaye bahlukumezeka ngenxa yalokho okwenzile noma ngalokho oye wahluleka ukukwenza, futhi wenze konke okusemandleni ukuze ulungise umonakalo owudalile.—Luka 19:7-10.

  6. Emthandazweni wakho, cela uNkulunkulu ukuba akuthethelele ngesisekelo sesihlengo sikaJesu. (Efesu 1:7) Ukuze umthandazo wakho uphendulwe, kumelwe uthethelele labo abaye bakona.​—Mathewu 6:​14, 15.

  7. Uma isono sakho sisikhulu, khuluma nomuntu okufanelekelayo ukukunika usizo olungokomoya oludingayo futhi ongakwazi ukukuthandazela.​—Jakobe 5:14-16.

Imibono eyiphutha ngokuthethelelwa uNkulunkulu

“Ngone kakhulu ukuba ngingathethelelwa.”

UNkulunkulu wamthethelela uDavide ngesono sokuphinga nesokubulala

Uma nje sisalandela lokho okushiwo uNkulunkulu eBhayibhelini, siyothethelelwa, njengoba indlela athethelela ngayo izidlula kude le izono zethu. Angathethelela izono ezinkulu nezono eziphindwe kaningi.​—IzAga 24:16; Isaya 1:​18.

Ngokwesibonelo, iNkosi yakwa-Israyeli uDavide yathethelelwa ngesono sokuphinga nesokubulala. (2 Samuweli 12:​7-​13) Umphostoli uPawulu, owayezizwa njengesoni esikhulu naye wathethelelwa. (1 Thimothewu 1:​15, 16) Ngisho namaJuda angekhulu lokuqala uNkulunkulu ayewasola ngokubulala uJesu, uMesiya, ayethethelelwa uma eshintsha izindlela zawo.​—IzEnzo 3:​15, 19.

“Uma ngivuma izono zami kumpristi noma kumfundisi, izono zami ziyathethelelwa.”

Namuhla, akekho umuntu onegunya lokuthethelela omunye umuntu ngezono azenze kuNkulunkulu. Nakuba ukuvuma izono komunye umuntu kungasiza isoni sizizwe kangcono, uNkulunkulu kuphela ongathethelela izono.​—Efesu 4:​32; 1 Johane 1:7, 9.

Uma kunjalo, pho wayesho ukuthini uJesu lapho etshela abaphostoli bakhe ukuthi: “Uma nithethelela izono zanoma yibaphi abantu, bathethelelwe zona; uma nigcina ezanoma yibaphi abantu, zigciniwe”? (Johane 20:23) Wayechaza igunya elikhethekile ayezolinika abaphostoli lapho bamukela umoya ongcwele.—Johane 20:22.

Njengoba ayethembisile, abaphostoli basamukela leso sipho lapho kuthululwa umoya ongcwele ngo-33 C.E. (IzEnzo 2:​1-4) Umphostoli uPetru wasebenzisa lelo gunya lapho ahlulela u-Ananiya noSafira. Ngokuyisimangaliso, uPetru wazi ngecebo labo elinenkohliso, futhi isahlulelo sakhe sabonisa ukuthi isono sabo ngeke sithethelelwe.—IzEnzo 5:1-11.

Njengezinye izipho ezifana nokuphulukisa nokukhuluma ngezilimi, leso sipho esimangalisayo somoya ongcwele saphela ngemva kokufa kwabaphostoli.—1 Korinte 13:8-10. Ngakho, akekho umuntu ongathethelela izono zomunye umuntu namuhla.