Dlulela kokuphakathi

Ingabe Izazi Ziyakholelwa Ukuthi Wake Waba Khona UJesu?

Ingabe Izazi Ziyakholelwa Ukuthi Wake Waba Khona UJesu?

Izazi zinesisekelo esiqinile sokukholelwa ukuthi uJesu wake waba khona. Mayelana nalokho okwashiwo izazi zomlando zangekhulu lokuqala nelesibili leminyaka ngoJesu namaKristu okuqala, i-Encyclopædia Britannica, 2002 Edition, ithi: “Lokhu kulandisa okuhlukahlukene kubonisa ukuthi ezikhathini zasendulo ngisho nezitha zobuKristu zazingangabazi ukuthi uJesu wayekhona ngempela, okwaze kwaqala ukuphikwa ekupheleni kwekhulu le-18, phakathi nekhulu le-19 nasekuqaleni kwekhulu lama-20, futhi kungenazizathu ezanele.”

Ngo-2006 incwadi ethi Jesus and Archaeology yathi: “Asikho isazi namuhla esiphikayo ukuthi umJuda obizwa ngokuthi uJesu indodana kaJosefa wake waba khona; iningi livuma kugcwale umlomo ukuthi manje kuningi kakhulu esikwaziyo ngezenzo zakhe nezimfundiso zakhe eziyisisekelo.”

IBhayibheli libonisa ukuthi uJesu wayengumuntu ongokoqobo. Linikeza amagama okhokho bakhe nomkhaya wakubo. (Mathewu 1:1; 13:55) Linikeza namagama ababusi abadumile ababebusa ngesikhathi sakhe. (Luka 3:1, 2) Leyo mininingwane yenza abacwaningi baqinisekise ukunemba komlando weBhayibheli.