Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Roma 12:2​—“Maniguqulwe Ngokushintsha Ingqondo Yenu”

Roma 12:2​—“Maniguqulwe Ngokushintsha Ingqondo Yenu”

 “Yekani ukulolongwa nifane nabantu baleli zwe, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.”—Roma 12:2, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Ningenzi ngendlela leli zwe elenza ngayo, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu. Khona-ke niyokwazi ukuzihlolela nokwamukela lokho okuyintando kaNkulunkulu—intando yakhe enhle, ejabulisayo nengenasici.”—Roma 12:2, New International Version.

Incazelo YabaseRoma 12:2

 Labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu akumelwe bagcine ngokungavumi ukuthonyelwa ukwenza okubi kodwa kumelwe bashintshe nobuntu babo. UNkulunkulu akabaphoqi ukuba bashintshe; bashintsha ngoba bemthanda futhi beqaphela ukuthi imithetho yakhe inomusa, ibonisa ukucabangela futhi iyazuzisa.—Isaya 48:17.

 “Yekani ukulolongwa nifane nabantu baleli zwe.” ‘Abantu baleli zwe’ kuhlanganise nemithetho yabo, imikhuba yabo nendlela abenza ngayo izinto akuvumelani nemithetho kaNkulunkulu noma indlela acabanga ngayo. (1 Johane 2:15-17) Leli zwe liyabacindezela abantu, libalolonge noma lishintshe ubuntu babo nendlela abaziphatha ngayo. Ukuze umuntu akwazi ukukhonza uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo, kumelwe angavumi ukuthonywa yileli zwe, ngale kwalokho uyoqala ukwenza izinto ezingalimaza yena ngokwakhe nezingamjabulisi uNkulunkulu.—Efesu 2:1-3; 4:17-19.

 “Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.” Umuntu kumelwe asebenze kanzima ukushintsha nesimo sakhe sengqondo kanye nendlela azizwa ngayo ngezinto ezithile. Inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi “maniguqulwe” ibonisa ukuthi lukhulu ushintsho okumelwe lwenziwe ngoba ichaza ushintsho oluthi alufane nokushintsha kwesibungu sibe uvemvane. Labo abakhonza uNkulunkulu kumelwe bagqoke “ubuntu obusha.”—Efesu 4:23, 24; Kolose 3:9, 10.

 “Nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.” UNkulunkulu ufuna labo abamkhonzayo baqiniseke ngokugcwele ngalokho abakukholelwayo. Lokho bakwenza ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nokwenza lokho elikushoyo. Babe sebebona izinzuzo zokuphila ngemithetho kaNkulunkulu. Lokho kuyabaqinisekisa ukuthi izindlela zikaNkulunkulu zingcono kakhulu.—IHubo 34:8.

Umongo Wencwadi YabaseRoma 12:2

 Isahluko 12 sencwadi yabaseRoma sichaza ukuthi yini ehilelekile ekukhonzeni uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo. Leyo ndlela yokukhonza uNkulunkulu ithinta konke ukuphila komuntu, yenze kudingeke asebenzise ‘amandla okucabanga’ kunokwenza ngokuthatheka. (Roma 12:1, 3) Lesi sahluko sinezeluleko eziwusizo zendlela yokuba nobuntu obufana nobukaNkulunkulu, indlela yokusebenzelana nabanye kanye nendlela okumelwe senze ngayo lapho kunabasiphatha kabi.—Roma 12:9-21.