Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Joshuwa 1:9​—“Qina Ube Nesibindi”

Joshuwa 1:9​—“Qina Ube Nesibindi”

 “Angikuyalanga yini? Kuphela yiba nesibindi uqine. Ungethuki noma wesabe, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”—Joshuwa 1:9, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Angikuyalanga yini? Qina ube nesibindi. Ungesabi, ungapheli amandla, ngoba INKOSI uNkulunkulu wakho izoba nawe nomaphi lapho uya khona.”—Joshuwa 1:9, New International Version.

Incazelo KaJoshuwa 1:9

 Ngala mazwi, uJehova a uNkulunkulu waqinisekisa isikhonzi sakhe esithembekile uJoshuwa. Wasiqinisekisa ngokuthi ‘sasingaba nesibindi siqine’ ngisho noma sibhekene nezimo ezinzima nezingqinamba ezibonakala zingaphezu kwamandla. Sasingekho isizathu sokuba uJoshuwa esabe okwakuzokwenzeka esikhathini esizayo uma ayelalela imiyalo kaNkulunkulu, ngoba kwakuyoba sengathi uJehova unaye lapho ukuze amsize aphumelele. UNkulunkulu waba noJoshuwa ngokumnikeza iziqondiso nokumsiza anqobe izitha zakhe.

 Yini eyayingenza uJoshuwa ‘abe nesibindi aqine’? Wathola isibindi namandla emibhalweni ephefumulelwe uJehova ayeyilungiselele ngaleso sikhathi. Leyo mibhalo yayihlanganisa ‘wonke uMthetho uMose inceku [kaJehova] ayala ngawo [uJoshuwa].’ b (Joshuwa 1:7) UJehova watshela uJoshuwa ukuba ‘awufunde ngezwi eliphansi [“azindle ngawo,” New International Version] ubusuku nemini.’ (Joshuwa 1:8) Lokho kufunda nokuzindla kwaqinisa ingqondo nenhliziyo kaJoshuwa ukuze enze intando kaNkulunkulu. Ngemva kwalokho kwakudingeka enze lokho akufunde eZwini likaNkulunkulu, ‘agcine ngokucophelela konke okwakulotshwe kulo.’ Uma ayenza kanjalo, wayezokwenza ngokuhlakanipha aphumelele futhi yilokho kanye okwenzeka. Nakuba uJoshuwa ayebhekene nezinkinga, waphila ukuphila okwanelisayo njengesikhonzi sikaJehova esinokholo.—Joshuwa 23:14; 24:15.

 Amazwi kaJehova ayeya kuJoshuwa aseyisikhuthazo nanamuhla. Aveza indlela uJehova abakhathalela ngayo bonke abamkhonzayo, ikakhulukazi uma bebhekene nobunzima. Ufuna baphumelele njengoJoshuwa! NjengoJoshuwa, bangaba ‘nesibindi baqine’ ngokufunda nangokuzindla njalo ngeZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, bese beyakwenza lokho abakufundayo.

Umongo KaJoshuwa 1:9

 Ngemva kokufa kukaMose, uJehova wayala uJoshuwa ukuba ahole isizwe sakwa-Israyeli. (Joshuwa 1:1, 2) Ngaleso sikhathi, ama-Israyeli ayesekulungele ukungena eZweni Lesithembiso, izwe laseKhanani. Kodwa ayezobhekana nezitha ezinamandla. Ngokwesibonelo, uJoshuwa kwakuzomelwe alwe namaKhanani, ayemabi ngendlela exakile. c (Duteronomi 9:5; 20:17, 18) AmaKhanani ayemaningi futhi eyihlomele kangcono impi kunama-Israyeli. (Joshuwa 9:1, 2; 17:18) Kodwa uJoshuwa walandela iziqondiso zikaJehova ngesibindi. UNkulunkulu waba naye ngempela, ngoba kwathi kuphela iminyaka eyisithupha ama-Israyeli ayesezinqobile izitha zawo eziningi.—Joshuwa 21:43, 44.

a Igama elithi Jehova lihunyushwe lisuselwa egameni lesiHebheru likaNkulunkulu—elinezinhlamvu ezine יהוה (YHWH), ezaziwa ngokuthi iTetragrammaton. Kuyi-New International Version leli gama lihunyushwe ngokuthi “INKOSI” kuleli vesi. Ukuze uthole okwengeziwe ngokuthi ungubani uJehova nokuthi kungani ezinye izinguqulo zamaBhayibheli zingalisebenzisi lelo gama, bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?

b Imibhalo ephefumulelwe eyayitholakala ngesikhathi sikaJoshuwa, manje esesiyithola sonke eBhayibhelini, cishe yayihlanganisa izincwadi ezinhlanu zikaMose (uGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri noDuteronomi), incwadi kaJobe, nehubo elilodwa noma amabili.

c Ukuze ufunde ukuthi kungani kwakudingeka balwe lezo zimpi, bheka isihloko esithi “Kungani UNkulunkulu Alwa NamaKhanani?” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 1, 2010.