Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Isaya 40:31—“Labo Abathembele KuJehova Bayothola Amandla Kabusha”

Isaya 40:31—“Labo Abathembele KuJehova Bayothola Amandla Kabusha”

 “Kodwa labo abathembele kuJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. Bayogijima bangaphelelwa amandla; bayohamba bangakhathali.”—Isaya 40:31, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Kepha abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali bahambe bengapheli amandla.”—Isaya 40:31, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo ka-Isaya 40:31

 UJehova a uNkulunkulu uqinisekisa abakhulekeli bakhe ukuthi uzobanika amandla abawadingayo ukuze banqobe noma babekezelele noma iziphi izinkinga ababengase babhekane nazo.

 “Labo abathembele kuJehova bayothola amandla kabusha.” Labo ababeka ithemba labo kuNkulunkulu, lokuthi uzimisele ukusiza abantu bakhe bangaqiniseka ukuthi uzobasekela. (IzAga 3:5, 6) Enye indlela uNkulunkulu abanika ngayo amandla labo abamkhonzayo ukubanikeza umoya wakhe ongcwele.—Luka 11:13.

 “Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi.” Lo mfanekiso ukwenza kucace ukuthi amandla kaNkulunkulu angaba naliphi ithonya kumuntu. Ukhozi luthembela emoyeni oshisayo okhuphukayo obizwa ngokuthi i-thermal ukuze lukhuphukele phezulu. Lapho ukhozi seluwutholile umoya oshisayo, luvula amaphiko, lujikeleze kuwo lulokhu lukhuphukela phezulu. Njengoba ukhozi lusuka komunye umoya oshisayo luye komunye, lungaqhubeka lusemoyeni amahora amaningi, lungasebenzisi amandla amaningi luya lapho lufuna khona.

 “Bayogijima bangaphelelwa amandla.” Izinkinga zokuphila zingasiqeda amandla ngokomzimba nangokwengqondo, kodwa singakwazi ukuqhubeka siya phambili ngamandla esiwanikezwa uNkulunkulu. La mandla angasivuselela ukuze sikwazi ukwenza okulungile naphezu kobunzima esibhekana nabo. Umphostoli uPawulu, owabekezelela uvivinyo olunzima wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

Umongo ka-Isaya 40:31

 UNkulunkulu waphefumulela umprofethi u-Isaya ukuba abhale la mazwi eminyakeni engaba ngu-2 700 edlule. Nakuba la mazwi esebenza kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile, kungenzeka uJehova wawasho ukuze akhuthaze amaJuda ayezothunjelwa eBhabhiloni iminyaka engu-70. Ngesikhathi amaJuda esebuyela ezweni lawo, azibonela mathupha ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu. (Isaya 40:1-3) UNkulunkulu wawanikeza amandla okuqeda uhambo olude nolunzima b esuka eBhabhiloni eya eJerusalema ngo-537 B.C.E.—Isaya 40:29.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

b Uhambo olwathathwa ababebuya ekudingisweni cishe lwalungaba amakhilomitha angu-1 600 ubude.